letra de ukuzindla - ntombela
verse 1
ngizindla into engapheli, ngisentabeni ethize anginalo ikheli/ yizimpi ezingapheli ngapha izinsizwa zikhipha into engaceli/ kunemizwa engazilweli, isingixakeni kule lizwe elingazweli/ kunezifiso ezingangineli, kodwa futhi kunezinto engingazisweli/ cishe inicindezela, noma kungeke sicishe incindezelo/ kusemqondweni k’phela inkululeko izikhulisa okwemvelo/ ibukisa ngezithеlo ezijahe ukukhula zishiye amalungеlo/ ngihleka inhlinini sizothi sibuya iskhathi ngishintshe uhlelo/ uzwelo alunamehluko, ukusiza oyedwa kuncedeka imidumo/ mak-me ngomumo izinyawo emsakazweni sikhande isidumo/ ngeke uphinde umazi ongeke akhiphe imali ukuba nodumo/ vele nezimbungulu zithanda abanikazi kwazi usdumo/ angibathandi, ngiyabazonda, ngoba basibekele umncele/ nabangani bathi nginonya, bathi ngeke ngibingelele/ sanibonani? ninjani? nikhona? “siyamazi kwamele simncele”/ nje cabanga ngisangaphansi kuzobanjani ngiphumelele?/
chorus: sibonga impilo, sibonga ukuthi amanzi asalwisa umlilo/ sibonga isimilo, sibonga ukuthi umama akayigqoki inzilo/ sibonga isimo sivule ilihlo lethoba labona uthingo/ sibonga ukuthi sikwazi ukubonga amathonga sesingekho isidingo/ x2
verse 2
izinzule zizula izulu, umthala, umhlaba, zibalekela ikubo/ nami ngingaphezulu ngihamba izintaba ubhaka uphatha isixubho/ ngathi usasidida lomhlaba umama ungivulela amahubo/ ngiyazi ekhaya noma k’banda aba-koena bangincisha ingubo/ uph’ umdali? ngoba inkosana ikhonza amakhosazana/ angil’ hambi isonto, ngisang-ya ngiyobona abesifazan/ usayinhlava ngoba lisakuhlula legama lokuthandana/ uzoba yimvemvana uthande uchuku, kunuke sanhlavana/ “bamba lana”, kusho izingane emuva zibona lemibala/ mayingatholakala kuzoba ukuthi wubani oyibone kuqala/ lomhlaba ulimele yingako sesikhuthaza nokukakhala/ bafuna ukuwulapha, badonsa amakhubalo ngekhala/ ngikhetha ukusala, anginandaba ukuthi ipilisi liphatha impilo/ futhi bangangibali kulo daba ngisakulo-mkhathimpilo/ ngishisa impepho kuphela, istimela asifiki kithi bengishilo/ niyazi ithemba yimi ningase nijabule ngiphenduke ichilo/ bridge: [hayden kula] yes our hand wield power , yes our hands wield power, yes our hands wield power… yes our hand wield power , yes our hands wield power, yes our hands wield power…
chorus: sibonga impilo, sibonga ukuthi amanzi asalwisa umlilo/ sibonga isimilo, sibonga ukuthi umama akayigqoki inzilo/ sibonga isimo sivule ilihlo lethoba labona uthingo/ sibonga ukuthi sikwazi ukubonga amathonga sesingekho isidingo/ x2
letras aleatórias
- tellaman › letra de true - tellaman
- chris patrick › letra de swish - chris patrick
- azteca › letra de cxdeina (bonus track) - azteca
- seann bowe › letra de illusion - seann bowe
- reuben james › letra de birds & the bees - reuben james
- mok saib › letra de الغربة - mok saib
- vose › letra de okay - vose
- firewind › letra de break away - firewind
- grandson oliver tree › letra de cash machine (grandson remix) - grandson & oliver tree
- shakka › letra de in the mornin' - shakka