letras.top
a b c d e f g h i j k l m n o p q r s t u v w x y z 0 1 2 3 4 5 6 7 8 9 #

letra de onqobayo - ncandweni christ ambassadors

Loading...

thina bazalwane
sithenjisiwe
futhi sibekelwe
sibekelwe ifa laphakade
thina baba
sithenjisiwe
futhi sibekelwe
thina ifa laphakade

onendlebe, nkosi yami
onendlebe, makezwe lokho
lokh’umoya akushoyo, moy’ongcwele
aah emabandleni, emabandleni womhlaba wonke
umlomo kasomandla, haleluya sewukhulumile, haleluya
ngithi onendlebe bazalwane, nkosi yami
uyakhuluma usmakade
makezwe
lokh’umoya akushoyo
emabandlеni, nkosi yami, omhlaba wonke
umlomo kasomandla, haleluya ukhulumile
umlomo ka somandla, umlomo kajеhova
umlomo kajehova
ikhulumile ingadlangadla, ikhulumile, mhm

ngithi onqobayo, bazalwane bami, hee bazalwane
ngiyawumnika, ngiyawumnika okwemana elifihliweyo
ngiphinde ngimuphe, nkosi yami, netje elimhlophe
kulo kulotjiwe igama lakhe elisha
bazalwane, onqobayo emhlabeni
onqobayo kuleyilingo zendlela
abekezele nasenhluphekweni
ngiyak-mnika okwemana mina elifihliweyo
ngiphinde ngimuphe, heee bazalwane, netje elimhlophe
kulo kulotjiwe igama lakhe elisha, kunegama
ngithi kulo kulotjiwe bazalwane
kunegama elisha, haleluya, haleluya
ngithi kulo kulotjiwe, bekezela mama, haleluya
kunegama elisha bazalwane, haleluya, haleluya
ngithi kulo kulotjiwe, kulotjiwe igama lakhe elisha, haleluya

sengiyeza nomqhele wakho
wena bambisisa lokho onakho
ngithi bekezela sekuseduze
yebo sengiyeza nomqhele wakho
sengiyeza, ngiyeza bafowethu, haleluya
ngiza nomqhele wakho, bambisisa mntakababa
heee qinisela wena, bekezela
nasenhluphekweni, haleluya

sengiyeza, sengiyeza mlobokazi, ngiyeza, lalela
sengiyeza mina, lalela ngiyeza mntakababa, haleluya

inyembezi zeminyaka ziyawusulwa yinkosi
phakade naphakade, haleluya

ngiyeza, bambelela, qinisela
ngiza nomqhele, ngiza nomqhele wenjabulo
haleluya, haleluya, haleluya
sengiyeza, sengiyeza, ngiyeza
nomqhele, sengiyeza
bambelela mntakababa, qinisela
sengiyeza

letras aleatórias

MAIS ACESSADOS

Loading...