
letra de yiyo indlela leyo - mpharanyana
uyazi seloko ngaqala ukucula amaculo wothando
ngendlela yokuba abantu bathandane ngayo
abuntu bonke kuwo wonke amagumbi amane womhlaba bazekimi bacela ukuthi
ngibasize nge zothando
kodwa cha ak-mina owaqamba uthando
angisoze ngaba wuye kodwa
kukhona umfazi engahlangana naye esiteshini sasemlazi
usafika emqondweni wam’
lomfazi wayenenkinga ngoba uze kimi ubuso bakhe bugcwel’ izinyembezi
okuye kw-ngibonisa ukuthi inhliziyo yakhe izwe ibuhlungu, wathi
bhuti jacky lalela
angithembi ukuthi indoda yam’ isangithanda (wuu)
uyazi kade angibamba angiqabuze kamnandi
ngizwe nami ukuthi izinto zihamba kahle kakhulu impela
ungithanda nje umangabe kuyintando yakhe kulungile, wathi
izinto zimbili engicela ukuthi ungisize ngazo phamb’ kokuba uhambe namhlanje
ngicela ukuthi unginike iseluleko mayelana nalendaba
kuleli pheshana engiliphethe
uphinde ungitshele umlayezo
engingawudlulisela endodeni yami ukuthi aze angiphathe kahle nomakanjani (wuu)
ngiye ngathi lalela (wuu)
mtakazulu (wuu)
mphathe mphathe nje ngenkosikazi (jenge nkosikazi)
umawumuqabuza faka imizwa yonke enqondweni yakhe (wuu)
mphathe, mphathe njalo kuze aze akwazi ukulala ebusuku (wuu)
yiyona indlela leyo indoda ifanele ukuphatha inkosikazi yayo ngayo (wuu)
yebo (yeah)
yebo (yeah)
yebo
ufanele ufike ekhaya ilanga lingakashoni
ubeneqiniso ibaneqiniso wena
ukuthi leyo ngane ya bantu inelisiwe
umangabe ukukhumbule ufanele ukwazi ufanel’ ukwazi lokho ufanel’ ukwenza
zulu omnyama yiyona yiyona ndlela leyo indoda ifanel’ ukuphatha inkosikazi yayo ngayo (wuu)
yebo (yeah yeah)
mnike leyo madlana athenga konke lokhu
konke akufunayo
letras aleatórias
- letra de арина (arina) - acidnora
- letra de bochinchero - temperamento
- letra de just shine - adrian sky
- letra de exodus - rosegold shay
- letra de rea(s)on - reona
- letra de 0 aos 100 - dike 2825
- letra de me quité de ti - bon calso & dred bey
- letra de without me - sharl
- letra de payphone gold - the caustic sheedies
- letra de outro - heinie nüchtern, t-low & sevi rin